13. noJeremiya oweshumi, noMakibanayi oweshumi nanye.
14. Lawo madodana kaGadi ayeyizinhloko zempi; encinyane kuwo yayilingana nekhulu, yalingana nenkulungwane.
15. Yilabo ababewela iJordani ngenyanga yokuqala, ligcwele liphuphuma zonke izingu zalo; baxosha bonke abasezigodini ngasempumalanga nangasentshonalanga.
16. Kwafika nabantwana bakwaBenjamini noJuda enqabeni kuDavide.
17. UDavide waphuma ukubahlangabeza, wathatha, wathi kubo: “Uma nize nokuthula kimi ukungisiza, inhliziyo yami iyakuba nye nani, kepha uma kungukungikhohlisa ezitheni zami, lokhu kungekho okubi ezandleni zami, uNkulunkulu wawobaba makakubheke, akujezise.”
18. Kwase kwehla umoya phezu kuka-Amasayi owayeyinhloko yabangamashumi amathathu, wathi:“Singabakho thina, Davide,sinawe, wena ndodana kaJese;ukuthula, ukuthula makube nawe,ukuthula makube nabakusizayo,ngokuba uNkulunkulu wakho uyakusiza.”Wayesebamukela uDavide, wabenza izinhloko zeviyo.
19. Kwafika abanye kwabakwaManase kuDavide, lapho efika namaFilisti ukulwa noSawule, kepha abawasizanga, ngokuba izinduna zamaFilisti sezilulekene zammukisa, zathi: “Uyakuhlubukela enkosini yakhe uSawule, amakhanda ethu abe sengozini.”
20. Ekuyeni kwakhe eSikilagi kwahlubukela kuye kwabakwaManase o-Adina, noJozabadi, noJediyayeli, noMikayeli, noJozabadi, no-Elihu, noSilethayi, izinhloko zezinkulungwane zabakwaManase.
21. Bamsiza uDavide eviyweni, ngokuba babe ngamaqhawe anamandla bonke, beyizinduna zempi.