1 Izikronike 12:12-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. noJohanani owesishiyagalombili, no-Elizabadi owesishiyagalolunye,

13. noJeremiya oweshumi, noMakibanayi oweshumi nanye.

14. Lawo madodana kaGadi ayeyizinhloko zempi; encinyane kuwo yayilingana nekhulu, yalingana nenkulungwane.

15. Yilabo ababewela iJordani ngenyanga yokuqala, ligcwele liphuphuma zonke izingu zalo; baxosha bonke abasezigodini ngasempumalanga nangasentshonalanga.

16. Kwafika nabantwana bakwaBenjamini noJuda enqabeni kuDavide.

17. UDavide waphuma ukubahlangabeza, wathatha, wathi kubo: “Uma nize nokuthula kimi ukungisiza, inhliziyo yami iyakuba nye nani, kepha uma kungukungikhohlisa ezitheni zami, lokhu kungekho okubi ezandleni zami, uNkulunkulu wawobaba makakubheke, akujezise.”

18. Kwase kwehla umoya phezu kuka-Amasayi owayeyinhloko yabangamashumi amathathu, wathi:“Singabakho thina, Davide,sinawe, wena ndodana kaJese;ukuthula, ukuthula makube nawe,ukuthula makube nabakusizayo,ngokuba uNkulunkulu wakho uyakusiza.”Wayesebamukela uDavide, wabenza izinhloko zeviyo.

19. Kwafika abanye kwabakwaManase kuDavide, lapho efika namaFilisti ukulwa noSawule, kepha abawasizanga, ngokuba izinduna zamaFilisti sezilulekene zammukisa, zathi: “Uyakuhlubukela enkosini yakhe uSawule, amakhanda ethu abe sengozini.”

20. Ekuyeni kwakhe eSikilagi kwahlubukela kuye kwabakwaManase o-Adina, noJozabadi, noJediyayeli, noMikayeli, noJozabadi, no-Elihu, noSilethayi, izinhloko zezinkulungwane zabakwaManase.

21. Bamsiza uDavide eviyweni, ngokuba babe ngamaqhawe anamandla bonke, beyizinduna zempi.

22. Ngokuba imihla ngemihla bafika kuDavide ukumsiza, kwaze kwaba yimpi enkulu njengempi kaNkulunkulu.

23. Nazi izibalo zezinhloko zababehlomele ukulwa abeza kuDavide eHebroni ukuba baguqulele umbuso kaSawule kuye njengezwi likaJehova.

1 Izikronike 12