12. noJohanani owesishiyagalombili, no-Elizabadi owesishiyagalolunye,
13. noJeremiya oweshumi, noMakibanayi oweshumi nanye.
14. Lawo madodana kaGadi ayeyizinhloko zempi; encinyane kuwo yayilingana nekhulu, yalingana nenkulungwane.
15. Yilabo ababewela iJordani ngenyanga yokuqala, ligcwele liphuphuma zonke izingu zalo; baxosha bonke abasezigodini ngasempumalanga nangasentshonalanga.