1. Nampa abafika kuDavide eSikilagi esagogobele ebusweni bukaSawule indodana kaKishi; babe phakathi kwamaqhawe, abasizi bakhe empini.
2. Babehlomile iminsalo, besebenzisa isandla sokunene nesokhohlo ekuphonseni amatshe nasekucibisheleni imicibisholo ngomnsalo; ababe kubafowabo bakaSawule kwaBenjamini kwakuyilaba:
3. inhloko u-Ahiyezeri noJowashi amadodana kaShemaha waseGibeya, noJeziyeli noPheleti amadodana ka-Azimaveti, noBerakha, noJehu wase-Anathoti,
4. no-Ishmaya waseGibeyoni, iqhawe phakathi kwabangamashumi amathathu, ebaphethe abangamashumi amathathu, noJeremiya, noJahaziyeli, noJohanani, noJozabadi waseGedera,
5. no-Eluzayi, noJerimoti, noBehaliya, noShemariya, noShefathiya umHarufi,
6. no-Elkana, noJishiya, no-Azareli, noJohezeri, noJashobehamu, amaKora,
7. noJowela noZebadiya, amadodana kaJerohamu waseGedori.
8. KwabakwaGadi abanye bazahlukanisa baya kuDavide enqabeni ehlane, amaqhawe anamandla, abantu abazilungiselele ukulwa, abakwazi ukuphatha isihlangu nomkhonto, ababuso babo bafana nobuso bezingonyama, abanejubane njengezinsephe ezintabeni:
9. ngu-Ezeri inhloko, no-Obadiya owesibili, no-Eliyabe owesithathu,
10. noMishimana owesine, noJeremiya owesihlanu,
11. no-Athayi owesithupha, no-Eliyeli owesikhombisa,
12. noJohanani owesishiyagalombili, no-Elizabadi owesishiyagalolunye,
13. noJeremiya oweshumi, noMakibanayi oweshumi nanye.
14. Lawo madodana kaGadi ayeyizinhloko zempi; encinyane kuwo yayilingana nekhulu, yalingana nenkulungwane.
15. Yilabo ababewela iJordani ngenyanga yokuqala, ligcwele liphuphuma zonke izingu zalo; baxosha bonke abasezigodini ngasempumalanga nangasentshonalanga.
16. Kwafika nabantwana bakwaBenjamini noJuda enqabeni kuDavide.
17. UDavide waphuma ukubahlangabeza, wathatha, wathi kubo: “Uma nize nokuthula kimi ukungisiza, inhliziyo yami iyakuba nye nani, kepha uma kungukungikhohlisa ezitheni zami, lokhu kungekho okubi ezandleni zami, uNkulunkulu wawobaba makakubheke, akujezise.”