7. UDavide wahlala enqabeni; ngalokho bayibiza ngokuthi umuzi kaDavide.
8. Wakha umuzi nxazonke kusukela eMilo kuya nxazonke; uJowabe wavusa okuseleyo komuzi.
9. UDavide waqhubeka njalo ngokukhula, ngokuba uJehova Sebawoti wayenaye.
10. Yilaba abayizinhloko zamaqhawe uDavide ayenazo, zibambelela kuye ngamandla ebukhosini bakhe kanye naye wonke u-Israyeli ukumbeka inkosi njengezwi likaJehova ngo-Israyeli.
11. Nanku umumo wamaqhawe uDavide ayenawo: uJashobehamu indodana yomHakimoni, inhloko yamashumi amathathu; waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala ngasikhathi sinye.
12. Emva kwakhe ngu-Eleyazare indodana kaDodo umAhohi owayengomunye wamaqhawe amathathu.
13. WayenoDavide ePhasi Damimi; amaFilisti abuthana khona ukuyokulwa, lapho kwakukhona isiqephu sezwe esigcwele ibhali;* abantu babaleka ebusweni bamaFilisti.
14. Bema phakathi nesiqephu sezwe, basophula, bawabulala amaFilisti; uJehova wabasindisa ngokusindisa okukhulu.
15. Kwehla abathathu kwabayizinhloko ezingamashumi amathathu, baya etsheni kuDavide emhumeni wase-Adulamu; impi yamaFilisti yayimise esiGodini samaRefa.
16. UDavide wayesesenqabeni, ikhanda lamaFilisti laliseBetlehema.
17. UDavide wanxanela, wathi: “Hawu, sengathi ngingaphuziswa amanzi asemthonjeni waseBetlehema owawungasesangweni.”
18. Labo abathathu bafohla ikamu* lamaFilisti, bakha amanzi emthonjeni waseBetlehema owawungasesangweni, bawathatha, bawaletha kuDavide; kepha uDavide akavumanga ukuwaphuza, kodwa wawathululela uJehova, wathi:
19. “UNkulunkulu wami makangenqabele ukuba ngenze lokhu; ngiyakuphuza igazi lalaba bantu ababe sengozini na?” Ngokuba bawaletha besengozini; akavumanga ukuwaphuza. Lezo zinto zenziwa yilawa maqhawe amathathu.
20. U-Abishayi umfowabo kaJowabe wayeyinhloko yabathathu, ngokuba waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala, waba negama phakathi kwalaba abathathu.