1 Izikronike 11:7-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. UDavide wahlala enqabeni; ngalokho bayibiza ngokuthi umuzi kaDavide.

8. Wakha umuzi nxazonke kusukela eMilo kuya nxazonke; uJowabe wavusa okuseleyo komuzi.

9. UDavide waqhubeka njalo ngokukhula, ngokuba uJehova Sebawoti wayenaye.

10. Yilaba abayizinhloko zamaqhawe uDavide ayenazo, zibambelela kuye ngamandla ebukhosini bakhe kanye naye wonke u-Israyeli ukumbeka inkosi njengezwi likaJehova ngo-Israyeli.

11. Nanku umumo wamaqhawe uDavide ayenawo: uJashobehamu indodana yomHakimoni, inhloko yamashumi amathathu; waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala ngasikhathi sinye.

12. Emva kwakhe ngu-Eleyazare indodana kaDodo umAhohi owayengomunye wamaqhawe amathathu.

13. WayenoDavide ePhasi Damimi; amaFilisti abuthana khona ukuyokulwa, lapho kwakukhona isiqephu sezwe esigcwele ibhali;* abantu babaleka ebusweni bamaFilisti.

14. Bema phakathi nesiqephu sezwe, basophula, bawabulala amaFilisti; uJehova wabasindisa ngokusindisa okukhulu.

15. Kwehla abathathu kwabayizinhloko ezingamashumi amathathu, baya etsheni kuDavide emhumeni wase-Adulamu; impi yamaFilisti yayimise esiGodini samaRefa.

16. UDavide wayesesenqabeni, ikhanda lamaFilisti laliseBetlehema.

17. UDavide wanxanela, wathi: “Hawu, sengathi ngingaphuziswa amanzi asemthonjeni waseBetlehema owawungasesangweni.”

18. Labo abathathu bafohla ikamu* lamaFilisti, bakha amanzi emthonjeni waseBetlehema owawungasesangweni, bawathatha, bawaletha kuDavide; kepha uDavide akavumanga ukuwaphuza, kodwa wawathululela uJehova, wathi:

19. “UNkulunkulu wami makangenqabele ukuba ngenze lokhu; ngiyakuphuza igazi lalaba bantu ababe sengozini na?” Ngokuba bawaletha besengozini; akavumanga ukuwaphuza. Lezo zinto zenziwa yilawa maqhawe amathathu.

20. U-Abishayi umfowabo kaJowabe wayeyinhloko yabathathu, ngokuba waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala, waba negama phakathi kwalaba abathathu.

1 Izikronike 11