1 Izikronike 11:4-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. UDavide naye wonke u-Israyeli baya eJerusalema eliyiJebusi; amaJebusi ayakhe kulelo zwe ayeselapho.

5. Abakhileyo eJebusi bathi kuDavide: “Awuyikungena lapha.” UDavide wathatha nokho inqaba yaseSiyoni engumuzi kaDavide.

6. UDavide wathi: “Lowo ochitha amaJebusi kuqala uyakuba yinhloko nenduna.” Kwenyuka kuqala uJowabe indodana kaSeruya, waba yinhloko.

7. UDavide wahlala enqabeni; ngalokho bayibiza ngokuthi umuzi kaDavide.

8. Wakha umuzi nxazonke kusukela eMilo kuya nxazonke; uJowabe wavusa okuseleyo komuzi.

9. UDavide waqhubeka njalo ngokukhula, ngokuba uJehova Sebawoti wayenaye.

10. Yilaba abayizinhloko zamaqhawe uDavide ayenazo, zibambelela kuye ngamandla ebukhosini bakhe kanye naye wonke u-Israyeli ukumbeka inkosi njengezwi likaJehova ngo-Israyeli.

11. Nanku umumo wamaqhawe uDavide ayenawo: uJashobehamu indodana yomHakimoni, inhloko yamashumi amathathu; waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala ngasikhathi sinye.

12. Emva kwakhe ngu-Eleyazare indodana kaDodo umAhohi owayengomunye wamaqhawe amathathu.

13. WayenoDavide ePhasi Damimi; amaFilisti abuthana khona ukuyokulwa, lapho kwakukhona isiqephu sezwe esigcwele ibhali;* abantu babaleka ebusweni bamaFilisti.

1 Izikronike 11