33. no-Azimaveti waseBaharumi, no-Eliyaba waseShahaliboni,
34. namadodana kaHashemi waseGizoni, noJonathani indodana kaShage waseHarari,
35. no-Ahiyamu indodana kaSakri waseHarari, no-Elifali indodana ka-Uri,
36. noHeferi waseMekeri, no-Ahiya wasePheloni,
37. noHesiro waseKarmeli, noNaharayi indodana ka-Ezibayi,
38. noJoweli umfowabo kaNathani, noMibihari indodana kaHagiri,
39. noSeleki wakwa-Amoni, noNaharayi waseBeroti, udibi lukaJowabe indodana kaSeruya,
40. no-Ira waseJetheri, noGarebi waseJetheri,
41. no-Uriya umHeti, noZabadi indodana ka-Ahilayi,
42. no-Adina indodana kaShiza wakwaRubeni, inhloko yakwaRubeni, enabangamashumi amathathu,
43. noHanani indodana kaMahakha, noJeshoshafati umMiteni,
44. no-Uziya wase-Ashitaroti, noShama noJehiyeli amadodana kaHothamu wase-Aroweri,
45. noJediyayeli indodana kaShimri, noJoha umfowabo umThisi,
46. no-Eliyeli umMahavi, noJeribayi noJoshaviya amadodana ka-Elinahama, no-Itima wakwaMowabi,
47. no-Eliyeli, no-Obede, noJahashiyeli umMesoba.