23. Wabulala nowaseGibithe, umuntu omude, eyizingalo eziyisihlanu; esandleni sowaseGibithe kwakukhona umkhonto onjengogongolo lomaluki; wehlela kuye ephethe induku nje, wawuhlwitha umkhonto esandleni sowaseGibithe, wambulala ngomkhonto wakhe.
24. Lezo zinto wazenza uBenaya indodana kaJehoyada, waba negama phakathi kwalawo maqhawe amathathu.
25. Bheka, wayetusekile kunabangamashumi amathathu, kepha akafinyelelanga kwabathathu bokuqala; uDavide wambeka phezu kwabalindi bakhe.
26. Amaqhawe anamandla nanka: u-Asaheli umfowabo kaJowabe, no-Elihanani indodana kaDodo waseBetlehema,
27. noShamoti waseHarori, noHelesi wasePheloni,
28. no-Ira indodana ka-Ikheshi waseThekhowa, no-Abiyezeri wase-Anathoti,
29. noSibekayi umHushati, no-Ilayi umAhohi,
30. noMaharayi waseNethofa, noHeledi indodana kaBahana waseNethofa,
31. no-Ithayi indodana kaRibayi waseGibeya labantwana bakwaBenjamini, noBenaya wasePirathoni,
32. noHurayi wangasemifudlaneni yakwaGahashi, no-Abiyeli wase-Araba,
33. no-Azimaveti waseBaharumi, no-Eliyaba waseShahaliboni,
34. namadodana kaHashemi waseGizoni, noJonathani indodana kaShage waseHarari,
35. no-Ahiyamu indodana kaSakri waseHarari, no-Elifali indodana ka-Uri,
36. noHeferi waseMekeri, no-Ahiya wasePheloni,
37. noHesiro waseKarmeli, noNaharayi indodana ka-Ezibayi,
38. noJoweli umfowabo kaNathani, noMibihari indodana kaHagiri,