1 Izikronike 11:11-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Nanku umumo wamaqhawe uDavide ayenawo: uJashobehamu indodana yomHakimoni, inhloko yamashumi amathathu; waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala ngasikhathi sinye.

12. Emva kwakhe ngu-Eleyazare indodana kaDodo umAhohi owayengomunye wamaqhawe amathathu.

13. WayenoDavide ePhasi Damimi; amaFilisti abuthana khona ukuyokulwa, lapho kwakukhona isiqephu sezwe esigcwele ibhali;* abantu babaleka ebusweni bamaFilisti.

14. Bema phakathi nesiqephu sezwe, basophula, bawabulala amaFilisti; uJehova wabasindisa ngokusindisa okukhulu.

15. Kwehla abathathu kwabayizinhloko ezingamashumi amathathu, baya etsheni kuDavide emhumeni wase-Adulamu; impi yamaFilisti yayimise esiGodini samaRefa.

16. UDavide wayesesenqabeni, ikhanda lamaFilisti laliseBetlehema.

17. UDavide wanxanela, wathi: “Hawu, sengathi ngingaphuziswa amanzi asemthonjeni waseBetlehema owawungasesangweni.”

18. Labo abathathu bafohla ikamu* lamaFilisti, bakha amanzi emthonjeni waseBetlehema owawungasesangweni, bawathatha, bawaletha kuDavide; kepha uDavide akavumanga ukuwaphuza, kodwa wawathululela uJehova, wathi:

19. “UNkulunkulu wami makangenqabele ukuba ngenze lokhu; ngiyakuphuza igazi lalaba bantu ababe sengozini na?” Ngokuba bawaletha besengozini; akavumanga ukuwaphuza. Lezo zinto zenziwa yilawa maqhawe amathathu.

20. U-Abishayi umfowabo kaJowabe wayeyinhloko yabathathu, ngokuba waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala, waba negama phakathi kwalaba abathathu.

21. Kulaba abathathu wayetusekile kunababili, waba yisikhulu sabo, kepha akafinyelelanga kwabathathu bokuqala.

22. NoBenaya indodana kaJehoyada, indodana yendoda enamandla, owayenze imisebenzi emikhulu, owaseKabiseyeli, wabulala amaqhawe amabili akwaMowabi; futhi wehla, wabulala ingonyama phakathi komgodi ngosuku lweqhwa.

23. Wabulala nowaseGibithe, umuntu omude, eyizingalo eziyisihlanu; esandleni sowaseGibithe kwakukhona umkhonto onjengogongolo lomaluki; wehlela kuye ephethe induku nje, wawuhlwitha umkhonto esandleni sowaseGibithe, wambulala ngomkhonto wakhe.

24. Lezo zinto wazenza uBenaya indodana kaJehoyada, waba negama phakathi kwalawo maqhawe amathathu.

25. Bheka, wayetusekile kunabangamashumi amathathu, kepha akafinyelelanga kwabathathu bokuqala; uDavide wambeka phezu kwabalindi bakhe.

1 Izikronike 11