1 Izikronike 10:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. AmaFilisti alwa no-Israyeli; abantu bakwa-Israyeli babaleka phambi kwamaFilisti, bawa begwaziwe entabeni yaseGilibowa.

2. AmaFilisti axosha uSawule namadodana akhe; amaFilisti abulala oJonathani, no-Abinadaba, noMaliki Shuwa, amadodana kaSawule.

3. Impi yaba nzima kuSawule; abacibishelayo bamfica; wakhathazeka ngenxa yabacibishelayo.

4. USawule wayesethi odibini lwezikhali zakhe: Hosha inkemba yakho, ungigwaze ngayo, funa labo abangasokile bafike, bangone. Kepha aluvumanga udibi lwezikhali zakhe, ngokuba lwesaba kakhulu. Ngalokho uSawule wayithatha inkemba, wawela phezu kwayo.

5. Udibi lwezikhali zakhe selubonile ukuthi uSawule ufile, lwawela nalo phezu kwenkemba, lwafa.

6. Wafa-ke uSawule namadodana akhe amathathu; nendlu yakhe yonke yafa kanyekanye.

7. Lapho bonke abantu bakwa-Israyeli ababe sesigodini bebona ukuthi babaleka nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya imizi yabo, babaleka; amaFilisti afika, ahlala kuyo.

1 Izikronike 10