9. Bayakuphendula ngokuthi: ‘Kungokuba bamshiya uJehova uNkulunkulu wabo owakhipha oyise ezweni laseGibithe, banamathela kwabanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, babakhonza; ngalokho uJehova ubehlisele konke lokho okubi.’ ”
10. Kwathi ngasekupheleni kweminyaka engamashumi amabili uSolomoni akhe ngayo izindlu zombili, indlu kaJehova nendlu yenkosi,
11. uHiramu inkosi yaseTire owayemsizile uSolomoni ngemisedari* nangemisayipuresi* nangegolide njengokufisa kwakhe konke wanikwa yinkosi uSolomoni imizi engamashumi amabili ezweni laseGalile.
12. UHiramu waphuma eTire ukuyobona imizi uSolomoni amnike yona, ayimthokozisanga.
13. Wathi: “Iyini le mizi onginike yona, mfowethu, na?” Wayibiza ngokuthi izwe laseKabuli* kuze kube namuhla.
14. UHiramu wayesethuma enkosini amatalenta* ayikhulu namashumi amabili egolide.
15. Indaba yezisebenzi ezabizwa yinkosi uSolomoni ukwakha indlu kaJehova, nendlu yakhe, neMilo, nogange lwaseJerusalema, neHasori, neMegido, neGezeri inje:
16. uFaro inkosi yaseGibithe wayenyukile wathatha iGezeri, walishisa ngomlilo, wabulala amaKhanani ayehlezi emzini, walinika umkaSolomoni indodakazi yakhe, libe yisipho sakhe.
17. USolomoni wakha iGezeri neBeti Horoni laseNzansi,
18. neBalati, neTamari lasehlane lalelo zwe,
19. nayo yonke imizi yokubekelela uSolomoni ayenayo, nemizi yezinqola zakhe, nemizi yabamahhashi bakhe, nalokhu uSolomoni ayefisa ukwakha khona eJerusalema, naseLebanoni, nasezweni lonke lapho ebusa khona.