7. ngiyakumnquma u-Israyeli ezweni engimnike lona; nale ndlu engiyingcwelisele igama lami ngiyakuyilahla ebusweni bami, u-Israyeli abe yisaga nesifenqo phakathi kwabantu bonke.
8. Noma le ndlu iphakeme kangaka, bonke abadlula kuyo bayakumangala, banximfe, bathi: ‘UJehova wenzeleni kanje kuleli zwe nakule ndlu na?’
9. Bayakuphendula ngokuthi: ‘Kungokuba bamshiya uJehova uNkulunkulu wabo owakhipha oyise ezweni laseGibithe, banamathela kwabanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, babakhonza; ngalokho uJehova ubehlisele konke lokho okubi.’ ”
10. Kwathi ngasekupheleni kweminyaka engamashumi amabili uSolomoni akhe ngayo izindlu zombili, indlu kaJehova nendlu yenkosi,
11. uHiramu inkosi yaseTire owayemsizile uSolomoni ngemisedari* nangemisayipuresi* nangegolide njengokufisa kwakhe konke wanikwa yinkosi uSolomoni imizi engamashumi amabili ezweni laseGalile.
12. UHiramu waphuma eTire ukuyobona imizi uSolomoni amnike yona, ayimthokozisanga.
13. Wathi: “Iyini le mizi onginike yona, mfowethu, na?” Wayibiza ngokuthi izwe laseKabuli* kuze kube namuhla.
14. UHiramu wayesethuma enkosini amatalenta* ayikhulu namashumi amabili egolide.