18. neBalati, neTamari lasehlane lalelo zwe,
19. nayo yonke imizi yokubekelela uSolomoni ayenayo, nemizi yezinqola zakhe, nemizi yabamahhashi bakhe, nalokhu uSolomoni ayefisa ukwakha khona eJerusalema, naseLebanoni, nasezweni lonke lapho ebusa khona.
20. Abantu bonke abaseleyo kuma Amori, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, abangesibo abantwana bakwa-Israyeli,
21. abantwana babo abasala ezweni emva kwabo, abantwana bakwa-Israyeli ababengenamandla okubaqeda, kubona uSolomoni wabiza izisebenzi eziyizigqila kuze kube namuhla.
22. Kodwa kubantwana bakwa-Israyeli uSolomoni akakhiphanga izigqila ngokuba bona babe ngamadoda empi, nezinceku zakhe, nezikhulu zakhe, nezinduna zakhe, nabaphathi bezinqola zakhe, nabamahhashi bakhe.
23. Izinduna ezinkulu ezaziphethe umsebenzi kaSolomoni zazingamakhulu ayisihlanu namashumi ayisihlanu; zaziphethe abantu ababesebenza emsebenzini.
24. Kodwa indodakazi kaFaro yenyuka emzini kaDavide, yaya endlini yayo ayakhele yona; wayeselakha iMilo.
25. Kathathu ngomnyaka uSolomoni wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula e-altare ayelakhele uJehova, eshisa impepho kanye nayo phambi kukaJehova. Wayeseyiqedile indlu.
26. Inkosi uSolomoni yenza imikhumbi e-Esiyoni Geberi elingaseceleni kwe-Eloti ogwini loLwandle Olubomvu ezweni lakwa-Edomi.
27. UHiramu wathuma ngale mikhumbi izinceku zakhe, amadoda emikhumbi ayelwazi ulwandle, kanye nezinceku zikaSolomoni.
28. Zafika e-Ofiri, zalanda khona igolide, amatalenta* angamakhulu amane namashumi amabili, zaliletha enkosini uSolomoni.