1 Amakhosi 8:7-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Ngokuba amakherubi ayewelula amaphiko awo phezu kwendawo yomphongolo, amakherubi asibekela umphongolo nezinti zawo ngaphezulu.

8. Izinti zazizinde kangako ukuba izihloko zezinti zibonakale endaweni engcwele phambi kwegumbi; kepha zazingabonakali ngaphandle; zisekhona lapho kuze kube namuhla.

9. Kwakungekho lutho emphongolweni, kuphela izibhebhe ezimbili zamatshe ezabekwa khona nguMose eHorebe, lapho uJehova enza isivumelwano nabantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe.

10. Kwathi lapho abapristi sebephumile endaweni engcwele, ifu lagcwalisa indlu kaJehova,

11. abapristi baze bangema ukukhonza ngenxa yefu, ngokuba inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu kaJehova.

12. Khona wakhuluma uSolomoni, wathi: “UJehova ushilo ukuthi uyakuhlala esigayegayeni.

13. Ngikwakhele nokukwakhela indlu yokuhlala, indawo yokuhlala kwakho kuze kube phakade.”

14. Inkosi yayisiphenduka, yalibusisa lonke ibandla lakwa-Israyeli, lonke ibandla lakwa-Israyeli, lalimi.

15. Yathi:“Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli owakhuluma ngomlomo wakhe kuDavide ubaba, ukugcwalisile ngesandla sakhe, ethi:

16. ‘Kusukela osukwini engakhipha ngalo abantu bami u-Israyeli eGibithe angikhethanga muzi ezizweni zonke zakwa-Israyeli ukwakha indlu ukuba igama lami libe khona lapho, kepha ngamkhetha uDavide abe phezu kwabantu bami u-Israyeli.’

17. “Kwakusenhliziyweni kaDavide ubaba ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli indlu.

18. Kepha uJehova wathi kuDavide ubaba: ‘Njengokuba kwakusenhliziyweni yakho ukwakhela igama lami indlu, wenza kahle, ngokuba kwakusenhliziyweni yakho lokho;

19. kepha wena awuyikuyakha indlu, kodwa indodana yakho eyakuphuma okhalweni lwakho yiyona eyakwakhela igama lami indlu.’

1 Amakhosi 8