1 Amakhosi 8:54-66 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

54. Kwathi uSolomoni eseqedile ukukhuleka wonke lo mkhuleko nalokho kunxusa kuJehova, wasuka e-altare likaJehova ekuguqeni ngamadolo akhe, izandla zakhe zelulelwe ngasezulwini.

55. Wema, wabusisa lonke ibandla lakwa-Israyeli ngezwi elikhulu, wathi:

56. “Makabongwe uJehova onike abantu bakhe u-Israyeli ukuphumula njengakho konke akushiloyo; akuwanga izwi elilodwa lakho konke ukukhuluma kwakhe okuhle akusho ngesandla sikaMose inceku yakhe.

57. UJehova uNkulunkulu wethu makabe nathi njengalokho ayenawobaba; makangasishiyi, angasilahli,

58. ukuze adonsele izinhliziyo zethu kuye ukuba sihambe ngezindlela zakhe zonke, sigcine imiyalo yakhe, nezimiso zakhe, nezahlulelo zakhe ayala ngakho obaba.

59. Lawo mazwi ami enginxuse ngawo phambi kukaJehova mawabe seduze noJehova uNkulunkulu wethu imini nobusuku ukuba avume inceku yakhe, avume nabantu bakhe u-Israyeli njengokudingeka kwemihla ngemihla,

60. ukuba abantu bonke bomhlaba bazi ukuthi uJehova nguye onguNkulunkulu; akakho omunye.

61. Inhliziyo mayibe kuJehova uNkulunkulu wethu ngokupheleleyo, nihambe ngezimiso zakhe, nigcine imiyalo yakhe njenganamuhla.”

62. Inkosi naye wonke u-Israyeli enayo banikela ngomhlatshelo phambi kukaJehova.

63. USolomoni wanikela kube ngumhlatshelo weminikelo yokuthula, owanikela ngawo kuJehova, izinkunzi eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili nezimvu eziyizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili. Inkosi nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli bahlambulula-ke indlu kaJehova.

64. Ngalona lolo suku inkosi yangcwelisa ingaphakathi legceke elalingaphambi kwendlu kaJehova, ngokuba wanikela lapho ngomnikelo wokushiswa, nangomnikelo wempuphu, nangamanoni eminikelo yokuthula, lokhu i-altare lethusi elaliphambi kukaJehova lalilincane ukuba liwamukele umnikelo wokushiswa, nomnikelo wempuphu, namanoni eminikelo yokuthula.

65. USolomoni wagubha-ke umkhosi ngaleso sikhathi naye wonke u-Israyeli enaye, ibandla elikhulu, kusukela ekuyeni eHamati kuze semfuleni waseGibithe, ngaphambi kukaJehova uNkulunkulu wethu izinsuku eziyisikhombisa nezinsuku eziyisikhombisa, okungukuthi izinsuku eziyishumi nane.

66. Ngosuku lwesishiyagalombili wabamukisa abantu, bayibusisa inkosi, baya ematendeni abo bejabula, bethokoza ngenhliziyo ngakho konke okuhle uJehova akwenzile kuDavide inceku yakhe naku-Israyeli abantu bakhe.

1 Amakhosi 8