19. kepha wena awuyikuyakha indlu, kodwa indodana yakho eyakuphuma okhalweni lwakho yiyona eyakwakhela igama lami indlu.’
20. “UJehova uliqinsisile izwi alikhulumayo, ngokuba mina ngivelile esikhundleni sikaDavide ubaba, ngihlezi esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli njengokusho kukaJehova, ngakhele igama likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli indlu.
21. Ngimisile lapho indawo yomphongolo okukuwo isivumelwano sikaJehova asenza nawobaba ekubakhipheni ezweni laseGibithe.”
22. USolomoni wema phambi kwe-altare likaJehova ebusweni balo lonke ibandla lakwa-Israyeli, welulela izandla zakhe ngasezulwini,
23. wathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, akakho unkulunkulu onjengawe phezulu ezulwini nasemhlabeni phansi, ogcina isivumelwano nomusa nezinceku zakho ezihamba phambi kwakho ngayo yonke inhliziyo yazo,
24. ogcine nenceku yakho uDavide ubaba lokho owakusho kuyo; yebo, owakukhuluma ngomlomo wakho ukugcwalisile ngesandla sakho njengokuba kunjalo namuhla.
25. “Ngalokho, Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, gcina nenceku yakho uDavide ubaba lokho owakusho kuyo ukuthi: ‘Akuyikunqunywa muntu kuwe emehlweni ami ukuhlala esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli, uma kuphela abantwana bakho beqaphela indlela yabo ukuba bahambe phambi kwami, njengalokho wena uhambe phambi kwami.’
26. Ngalokho, Nkulunkulu ka-Israyeli, maliqiniseke izwi lakho owalikhuluma encekwini yakho uDavide ubaba.
27. “Kepha uNkulunkulu uyakuhlala impela emhlabeni na? Bheka, izulu nezulu lamazulu alinakukwanela; pho, kakhulu kangakanani le ndlu encane engiyakhileyo na?
28. Mawubheke umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, Jehova Nkulunkulu wami, uzwe ukukhala nokukhuleka inceku yakho ekukhuleka phambi kwakho namuhla
29. ukuba amehlo akho avulekele le ndlu ubusuku nemini, indawo owathi ngayo: ‘Igama lami liyakuba khona lapho,’ uze ulalele umkhuleko inceku yakho eyakuwukhuleka ibhekene nale ndawo.
30. Kulalele ukunxusa kwenceku yakho nokwabantu bakho u-Israyeli abayakukukhuleka bebhekene nale ndawo, ukuzwe usendaweni yakho yokuhlala ezulwini, nalapho usuzwile, uthethelele.
31. “Uma umuntu ona umakhelwane wakhe, athweswe isifungo sokumfungisa, abeseza ukufunga phambi kwe-altare lakho kule ndlu,
32. mawuzwe wena ezulwini, wenze, wahlulele izinceku zakho, kulahlwe onecala, ubeke indlela yakhe phezu kwekhanda lakhe, uthethelele olungileyo, umnike njengokulunga kwakhe.
33. “Lapho abantu bakho u-Israyeli benqotshwa yisitha, ngokuba bonile kuwe, kepha bese bebuya bephindela kuwe, balivume igama lakho, bakhuleke, banxuse kuwe kule ndlu,