14. Inkosi yayisiphenduka, yalibusisa lonke ibandla lakwa-Israyeli, lonke ibandla lakwa-Israyeli, lalimi.
15. Yathi:“Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli owakhuluma ngomlomo wakhe kuDavide ubaba, ukugcwalisile ngesandla sakhe, ethi:
16. ‘Kusukela osukwini engakhipha ngalo abantu bami u-Israyeli eGibithe angikhethanga muzi ezizweni zonke zakwa-Israyeli ukwakha indlu ukuba igama lami libe khona lapho, kepha ngamkhetha uDavide abe phezu kwabantu bami u-Israyeli.’
17. “Kwakusenhliziyweni kaDavide ubaba ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli indlu.
18. Kepha uJehova wathi kuDavide ubaba: ‘Njengokuba kwakusenhliziyweni yakho ukwakhela igama lami indlu, wenza kahle, ngokuba kwakusenhliziyweni yakho lokho;
19. kepha wena awuyikuyakha indlu, kodwa indodana yakho eyakuphuma okhalweni lwakho yiyona eyakwakhela igama lami indlu.’
20. “UJehova uliqinsisile izwi alikhulumayo, ngokuba mina ngivelile esikhundleni sikaDavide ubaba, ngihlezi esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli njengokusho kukaJehova, ngakhele igama likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli indlu.
21. Ngimisile lapho indawo yomphongolo okukuwo isivumelwano sikaJehova asenza nawobaba ekubakhipheni ezweni laseGibithe.”
22. USolomoni wema phambi kwe-altare likaJehova ebusweni balo lonke ibandla lakwa-Israyeli, welulela izandla zakhe ngasezulwini,
23. wathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, akakho unkulunkulu onjengawe phezulu ezulwini nasemhlabeni phansi, ogcina isivumelwano nomusa nezinceku zakho ezihamba phambi kwakho ngayo yonke inhliziyo yazo,
24. ogcine nenceku yakho uDavide ubaba lokho owakusho kuyo; yebo, owakukhuluma ngomlomo wakho ukugcwalisile ngesandla sakho njengokuba kunjalo namuhla.
25. “Ngalokho, Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, gcina nenceku yakho uDavide ubaba lokho owakusho kuyo ukuthi: ‘Akuyikunqunywa muntu kuwe emehlweni ami ukuhlala esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli, uma kuphela abantwana bakho beqaphela indlela yabo ukuba bahambe phambi kwami, njengalokho wena uhambe phambi kwami.’