1. Khona uSolomoni wabutha amalunga akwa-Israyeli nezinhloko zezizwe, izikhulu zawoyise babantwana bakwa-Israyeli enkosini uSolomoni eJerusalema, ukuba bakhuphule umphongolo wesivumelwano sikaJehova emzini kaDavide oyiSiyoni.
2. Onke amadoda akwa-Israyeli abuthana enkosini uSolomoni emkhosini wasenyangeni ka-Ethanimi eyinyanga yesikhombisa.
3. Esefikile onke amalunga akwa-Israyeli, abapristi baphakamisa umphongolo.
4. Bakhuphula umphongolo kaJehova, netende lokuhlangana, nazo zonke izinto ezingcwele ezazisetendeni, kwakhushulwa ngabapristi namaLevi.
5. Inkosi uSolomoni nayo yonke inhlangano yakwa-Israyeli eyayihlangene kuyo babenayo phambi komphongolo, behlaba izimvu nezinkabi ezingenakulotshwa, zingenakubalwa ngobuningi bazo.
6. Abapristi bawungenisa umphongolo wesivumelwano sikaJehova endaweni yawo egumbini lendlu, indawo engcwelengcwele, phansi kwamaphiko amakherubi.*
7. Ngokuba amakherubi ayewelula amaphiko awo phezu kwendawo yomphongolo, amakherubi asibekela umphongolo nezinti zawo ngaphezulu.
8. Izinti zazizinde kangako ukuba izihloko zezinti zibonakale endaweni engcwele phambi kwegumbi; kepha zazingabonakali ngaphandle; zisekhona lapho kuze kube namuhla.
9. Kwakungekho lutho emphongolweni, kuphela izibhebhe ezimbili zamatshe ezabekwa khona nguMose eHorebe, lapho uJehova enza isivumelwano nabantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe.
10. Kwathi lapho abapristi sebephumile endaweni engcwele, ifu lagcwalisa indlu kaJehova,
11. abapristi baze bangema ukukhonza ngenxa yefu, ngokuba inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu kaJehova.