6. Wenza indlu yezinsika; ubude bayo babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu; nobubanzi bayo babuyizingalo ezingamashumi amathathu, inompheme nezinsika phambi kwayo, naphambi kwazo yisikhwelo.
7. Wenza umpheme wesihlalo sobukhosi lapho ebeyakwahlulela khona, umpheme wokwahlulela; wawembeswe imisedari* kusukela phansi kuze kufike phezulu.
8. Indlu yakhe lapho ebeyakuhlala khona kwelinye igceke phakathi kompheme yayenziwe kanjalo. Wenzela nendodakazi kaFaro abeyithathile uSolomoni indlu eyafana nalwo mpheme.
9. Konke lokho kwakhiwa ngamatshe anenani elikhulu, amatshe abaziwe ngezilinganiso, asahwe ngamasaha, ngaphakathi nangaphandle, kusukela esisekelweni kuze kufike phezulu, nangaphandle kuze kube segcekeni elikhulu.
10. Nesisekelo sasingamatshe anenani elikhulu, amatshe amakhulu, amatshe ayizingalo eziyishumi, namatshe ayizingalo eziyisishiyagalombili.
11. Naphezulu kwakungamatshe anenani elikhulu, amatshe abaziweyo ngezilinganiso, nemisedari.*
12. Igceke elikhulu nxazonke lalinezinhla ezintathu zamatshe abaziweyo nohla lwemisedari* njengegceke elingaphakathi lendlu kaJehova nompheme wendlu.
13. Inkosi uSolomoni yathumela yamlanda uHiramu eTire.
14. Wayeyindodana yomfelokazi wesizwe sakwaNafetali; uyise wayengumuntu ogcwele ukuhlakanipha, nengqondo, nokwazi ukwenza yonke imisebenzi yethusi. Wafika enkosini uSolomoni, wasebenza wonke umsebenzi wayo.
15. Wakhanda izinsika ezimbili zethusi, yileyo naleyo iyizingalo eziyishumi nesishiyagalombili ubude bayo, nomucu oyizingalo eziyishumi nambili wazungeza enye insika.
16. Wenza izihloko ezimbili ngethusi elibunjiweyo ukuba zibekwe phezu kwezinsika; ubude besinye isihloko babuyizingalo eziyisihlanu, nobude besinye isihloko babuyizingalo eziyisihlanu.
17. Kwakukhona ezihlokweni ezaziphezu kwezinsika imihlobiso yamanetha amahele, nezinsephe ezenziwe njengamaketanga, kuyisikhombisa kwesinye isihloko, nesikhombisa kwesinye.
18. Wenza amapomegranati;* kwakuyizinhla ezimbili nxazonke kwelinye inetha ukwembesa izihloko ezaziphezu kwezinsika; wenze njalo nakwesinye isihloko.
19. Izihloko ezaziphezu kwezinsika zasemphemeni zafaniswa neminduze; zaziyizingalo ezine.
20. Kwakukhona izihloko naphezu kwezinsika zombili eduze nesisu esasiseceleni kwenetha; amapomegranati* ayengamakhulu amabili, eyizinhla nxazonke phezu kwesinye isihloko.