18. Wenza amapomegranati;* kwakuyizinhla ezimbili nxazonke kwelinye inetha ukwembesa izihloko ezaziphezu kwezinsika; wenze njalo nakwesinye isihloko.
19. Izihloko ezaziphezu kwezinsika zasemphemeni zafaniswa neminduze; zaziyizingalo ezine.
20. Kwakukhona izihloko naphezu kwezinsika zombili eduze nesisu esasiseceleni kwenetha; amapomegranati* ayengamakhulu amabili, eyizinhla nxazonke phezu kwesinye isihloko.
21. Wazimisa izinsika ngasemphemeni wethempeli; wayimisa insika yokunene, waqamba igama layo ngokuthi uJakini, wayimisa nensika yasokhohlo, waqamba igama layo ngokuthi uBowazi.
22. Ezihlokweni zezinsika kwakukhona okufanisiwe neminduze; kwaphela kanjalo umsebenzi wezinsika.
23. Wenza nolwandle olubunjiweyo; lwaluyizingalo eziyishumi kusukela kolunye udini kuze kufike kolunye, lwaluyisiyingelezi; ukuphakama kwalo kwakuyizingalo eziyisihlanu; umucu oyizingalo ezingamashumi amathathu waluzungeza nxazonke.
24. Phansi kodini lwalo nxazonke kwakukhona izintangazane ezaluzungezayo izingalo eziyishumi, zizungeza ulwandle nxazonke; izintangazane zazisezinhleni ezimbili, zibunjiwe ekubunjweni kwalo.
25. Lwalumi phezu kwezinkabi eziyishumi nambili, ezintathu zibheke ngasenyakatho, ezintathu zibheke ngasentshonalanga, ezintathu zibheke ngaseningizimu, ezintathu zibheke ngasempumalanga; ulwandle lwalumiswe phezu kwazo, zonke zifulathelene.