8. Umnyango wekamelo lohlangothi eliphakathi wawuseceleni lokunene lendlu; kwakhushukwa ngezikhwelo ezishwilayo ukuya ophondweni olungaphakathi, kuphunywe kolungaphakathi kuyiwe kolwesithathu.
9. Wakha-ke kanjalo indlu, wayiqeda, wayifulela indlu ngemishayo nangamapulangwe emisedari.*
10. Wakha izimpondo zangasendlini yonke, yilolo nalolo lwaba yizingalo eziyisihlanu ukuphakama kwalo; zanamathela endlini ngemithi yemisedari.*
11. Izwi likaJehova lafika kuSolomoni, lathi:
12. “Kumi kanje maqondana nale ndlu oyakhayo: uma uyakuhamba ngezimiso zami, wenze izahlulelo zami, ugcine yonke imiyalo yami ukuba uhambe ngayo, ngiyakugcwalisa kuwe izwi engalikhuluma kuDavide uyihlo:
13. ngiyakuhlala phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, ngingabashiyi abantu bami u-Israyeli.”
14. Wakha-ke uSolomoni indlu, wayiqeda.
15. Wakha izindonga zendlu ngaphakathi ngamapulangwe emisedari;* kusukela phansi endlini kuze kufike emishayweni yophahla wembesa ngamapulangwe ngaphakathi, wendlala phansi endlini ngamapulangwe emisayipuresi.*
16. Wakha futhi izingalo ezingamashumi amabili ngaseceleni lendlu lasemuva ngamapulangwe emisedari* kusukela phansi kuze kufike emishayweni, wazakhela phakathi okwaba yigumbi, okuyindawo engcwelengcwele.
17. Indlu yangaphambili yethempeli yayiyizingalo ezingamashumi amane.
18. Kwakungumsedari* ngaphakathi endlini, kubaziwe ngezintangazane nangezimbali eziqhakazileyo; konke kwakungumsedari, akubonakalanga tshe khona.
19. Walungisa igumbi phakathi endlini ukuba kubekwe khona umphongolo wesivumelwano sikaJehova.