4. Wenzela indlu amafasitele anamahele angenakususwa.
5. Ngasodongeni lwendlu wakha izimpondo nxazonke ngasezindongeni zendlu nxazonke, ethempelini nasegumbini; wenza amakamelo asezinhlangothini nxazonke;
6. uphondo lwangaphansi lwaluyizingalo eziyisihlanu ububanzi balo, noluphakathi lwaluyizingalo eziyisithupha ububanzi balo, nolwesithathu lwaluyizingalo eziyisikhombisa ububanzi balo; ngokuba ngaphandle wenza uqaqa endlini nxazonke, ukuze imishayo ingangeni ezindongeni zendlu.
7. Indlu isakhiwa yakhiwa ngamatshe alungiswa enkwalini; akuzwakalanga sando nazembe naphiki* nanto yensimbi, isakhiwa.
8. Umnyango wekamelo lohlangothi eliphakathi wawuseceleni lokunene lendlu; kwakhushukwa ngezikhwelo ezishwilayo ukuya ophondweni olungaphakathi, kuphunywe kolungaphakathi kuyiwe kolwesithathu.