28. Wawanameka amakherubi ngegolide.
29. Wafekethisa zonke izindonga zendlu nxazonke ngezithombe ezibaziweyo zamakherubi, nangamasundu, nangezimbali eziqhakazileyo ngaphakathi nangaphandle.
30. Naphansi endlini wanameka ngegolide, ngaphakathi nangaphandle.
31. Wenzela umnyango wegumbi izivalo zomnqumo; ikhothamo nezinsika zomnyango kwakuyizinhlangothi eziyisihlanu.
32. Wenza-ke izivalo ezimbili ngomnqumo, wazifekethisa ngamakherubi abaziweyo, nangamasundu, nangezimbali eziqhakazileyo, wazinameka ngegolide, wembesa amakherubi namasundu igolide.
33. Wenzela futhi umnyango wethempeli izinsika zomnyango ngomnqumo, ziyizinhlangothi ezine,
34. nezivalo ezimbili ngomsayipuresi;* izinxenye zombili zaleso naleso sivalo zasongwa.
35. Wazifekethisa ngamakherubi, nangamasundu, nangezimbali eziqhakazileyo, wazinameka ngegolide kukho okubaziweyo.
36. Wakha igceke elingaphakathi ngezinhla ezintathu zamatshe abaziweyo, nohla lwemishayo yemisedari.*
37. Ngomnyaka wesine isisekelo sendlu kaJehova sase sibekiwe ngenyanga kaZivi.
38. Ngomnyaka weshumi nanye ngenyanga kaBuli eyinyanga yesishiyagalombili indlu yaqedwa kukho konke okwayo ngayo yonke imithetho yayo. Wayelokhu akha iminyaka eyisikhombisa.