1 Amakhosi 6:15-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Wakha izindonga zendlu ngaphakathi ngamapulangwe emisedari;* kusukela phansi endlini kuze kufike emishayweni yophahla wembesa ngamapulangwe ngaphakathi, wendlala phansi endlini ngamapulangwe emisayipuresi.*

16. Wakha futhi izingalo ezingamashumi amabili ngaseceleni lendlu lasemuva ngamapulangwe emisedari* kusukela phansi kuze kufike emishayweni, wazakhela phakathi okwaba yigumbi, okuyindawo engcwelengcwele.

17. Indlu yangaphambili yethempeli yayiyizingalo ezingamashumi amane.

18. Kwakungumsedari* ngaphakathi endlini, kubaziwe ngezintangazane nangezimbali eziqhakazileyo; konke kwakungumsedari, akubonakalanga tshe khona.

19. Walungisa igumbi phakathi endlini ukuba kubekwe khona umphongolo wesivumelwano sikaJehova.

20. Phambi kwegumbi kwakuyizingalo ezingamashumi amabili ubude, nezingalo ezingamashumi amabili ngobubanzi, nezingalo ezingamashumi amabili ngokuphakama; wakunameka ngegolide elicwengekileyo, walembesa i-altare imisedari.*

21. USolomoni wayinameka indlu phakathi ngegolide elicwengekileyo, walivalela igumbi ngamaketanga egolide; walinameka nalo ngegolide.

22. Wanameka-ke yonke indlu ngegolide, yaze yaphelela indlu yonke; ne-altare lonke elalisegumbini walinameka ngegolide.

23. Egumbini wenza amakherubi* amabili ngomnqumo, yilelo nalelo liyizingalo eziyishumi ukuphakama kwalo.

24. Elinye iphiko lekherubi laliyizingalo eziyisihlanu, nelinye iphiko lekherubi laliyizingalo eziyisihlanu; kusukela esihlokweni selinye iphiko kuze kufike esihlokweni selinye kwakuyizingalo eziyishumi.

25. Elinye ikherubi laliyizingalo eziyishumi nalo; amakherubi omabili ayeyisilinganiso sinye nesimo sinye.

26. Ukuphakama kwelinye ikherubi kwakuyizingalo eziyishumi, nelinye ikherubi lalinjalo.

27. Wawabeka amakherubi phakathi nendlu engaphakathi; amakherubi awelula amaphiko, iphiko lelinye lathinta odongeni, nephiko lelinye ikherubi lathinta odongeni olunye; amaphiko awo athintana phakathi nendlu.

28. Wawanameka amakherubi ngegolide.

29. Wafekethisa zonke izindonga zendlu nxazonke ngezithombe ezibaziweyo zamakherubi, nangamasundu, nangezimbali eziqhakazileyo ngaphakathi nangaphandle.

1 Amakhosi 6