15. Wakha izindonga zendlu ngaphakathi ngamapulangwe emisedari;* kusukela phansi endlini kuze kufike emishayweni yophahla wembesa ngamapulangwe ngaphakathi, wendlala phansi endlini ngamapulangwe emisayipuresi.*
16. Wakha futhi izingalo ezingamashumi amabili ngaseceleni lendlu lasemuva ngamapulangwe emisedari* kusukela phansi kuze kufike emishayweni, wazakhela phakathi okwaba yigumbi, okuyindawo engcwelengcwele.
17. Indlu yangaphambili yethempeli yayiyizingalo ezingamashumi amane.
18. Kwakungumsedari* ngaphakathi endlini, kubaziwe ngezintangazane nangezimbali eziqhakazileyo; konke kwakungumsedari, akubonakalanga tshe khona.
19. Walungisa igumbi phakathi endlini ukuba kubekwe khona umphongolo wesivumelwano sikaJehova.