1 Amakhosi 5:8-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. UHiramu wayesethumela kuSolomoni, wathi:“Ngizwile lokho okuthume kimi; mina ngiyakwenza konke okufunayo ngemisedari* nangemisayipuresi.*

9. Izinceku zami ziyakuyehlisa eLebanoni, ziyiyise elwandle, mina ngiyenze ibe yizihlenga ezihamba elwandle, ziye endaweni oyakungiyalela yona, zihlakazwe khona; wena wozithatha khona, ufeze engikufunayo ngokubapha abendlu yami ukudla.”

10. UHiramu wayesenika uSolomoni imisedari* nemisayipuresi* njengakho konke ukufuna kwakhe.

11. USolomoni wamnika uHiramu amakhora* ayizinkulungwane ezingamashumi amabili kakolweni, ukudla kwabendlu yakhe, namakhora angamashumi amabili amafutha akhanyiweyo; uSolomoni wamnika kanjalo uHiramu iminyaka ngeminyaka.

12. UJehova wamnika uSolomoni ukuhlakanipha njengokusho kwakhe kuye; kwakukhona ukuthula phakathi kukaHiramu noSolomoni; benza isivumelwano bobabili.

13. Inkosi uSolomoni yabiza izisebenzi kubo bonke abakwa-Israyeli; izisebenzi zaba ngabantu abayizinkulungwane ezingamashumi amathathu.

14. Wabathuma eLebanoni, beyizinkulungwane eziyishumi ngenyanga, bededelana; babe seLebanoni inyanga, babe sekhaya izinyanga ezimbili; u-Adoniramu wayephezu kwezisebenzi.

15. USolomoni wayenabathwalayo imithwalo abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa, nababazi bamatshe ezintabeni abayizinkulungwane ezingamashumi ayisishiyagalombili,

16. ngaphandle kwezinduna ezinkulu zikaSolomoni ezaziphethe umsebenzi, izinkulungwane ezintathu namakhulu amathathu, ezazibusa abantu ababewenza umsebenzi.

17. Inkosi yayala, baqopha amatshe amakhulu, amatshe anenani elikhulu, ukuba babeke isisekelo sendlu ngamatshe abaziweyo.

1 Amakhosi 5