5. u-Azariya indodana kaNathani wayephezu kwezinduna;uZabudi indodana kaNathani wayengumpristi nomngane wenkosi;
6. u-Ahishari wayephezu kwabendlu;u-Adoniramu indodana ka-Abida wayephethe ezemali.
7. USolomoni wayenezinduna eziyishumi nambili phezu kwabo bonke abakwa-Israyeli ezazifunela inkosi nabendlu yayo ukudla; yileyo naleyo yayifuna ukudla inyanga inye ngomnyaka.
8. Nanka amagama azo:oBeni-Huri ezintabeni zakwa-Efrayimi,
9. noBeni-Dekeri eMakhasi,naseShahalabimi, naseBeti Shemeshi,nase-Eloni Beti Hanani,
10. noBeni Hesedi e-Aruboti,okwakungelakhe iSoko nalo lonke izwe laseHeferi,
11. noBeni Abinadaba kulo lonke iNafati Dori; uThafati indodakazi kaSolomoni wayengumkakhe;
12. uBahana indodana ka-Ahiludi eThahanaki, naseMegido, nakulo lonke iBeti Sheyani elingaseceleni kweSaretani, ngenzansi kwaseJizreyeli, kusukela eBeti Sheyani kuze kube se-Abela Mehola nangaphesheya kweJokimeyamu,
13. noBeni Geberi eRamoti Gileyadi,okwakungeyakhe imizi kaJayire indodana kaManase ekwaGileyadi,nezwe lase-Arigobi eliseBashani, imizi engamashumi ayisithupha enezingange nemigoqo yethusi,
14. no-Ahinadaba indodana ka-Ido eMahanayimi,
15. no-Ahimahasi kwaNafetali, yena owathatha uBasemati indodakazi kaSolomoni abe ngumkakhe,
16. noBahana indodana kaHushayi kwa-Asheri nase-Aloti,
17. noJehoshafati indodana kaPharuwa kwa-Isakare,
18. noShimeyi indodana ka-Ela kwaBenjamini,