16. noBahana indodana kaHushayi kwa-Asheri nase-Aloti,
17. noJehoshafati indodana kaPharuwa kwa-Isakare,
18. noShimeyi indodana ka-Ela kwaBenjamini,
19. noGeberi indodana ka-Uri ezweni lakwaGileyadi, izwe likaSihoni inkosi yama-Amori no-Ogi inkosi yaseBashani, ngokuba kwakuyinduna eyodwa kulelo zwe.
20. OJuda no-Israyeli babe baningi ngangesihlabathi solwandle ngobuningi, bedla, bephuza, bejabula.
21. USolomoni wabusa phezu kwemibuso yonke kusukela eMfuleni* kuze kube sezweni lamaFilisti nasemkhawulweni waseGibithe; bathela intela, bamkhonza uSolomoni zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.
22. Ukudla kukaSolomoni ngosuku olulodwa kwakungamakhora* angamashumi amathathu empuphu ecolekileyo, namakhora angamashumi ayisithupha empuphu,