10. noBeni Hesedi e-Aruboti,okwakungelakhe iSoko nalo lonke izwe laseHeferi,
11. noBeni Abinadaba kulo lonke iNafati Dori; uThafati indodakazi kaSolomoni wayengumkakhe;
12. uBahana indodana ka-Ahiludi eThahanaki, naseMegido, nakulo lonke iBeti Sheyani elingaseceleni kweSaretani, ngenzansi kwaseJizreyeli, kusukela eBeti Sheyani kuze kube se-Abela Mehola nangaphesheya kweJokimeyamu,
13. noBeni Geberi eRamoti Gileyadi,okwakungeyakhe imizi kaJayire indodana kaManase ekwaGileyadi,nezwe lase-Arigobi eliseBashani, imizi engamashumi ayisithupha enezingange nemigoqo yethusi,
14. no-Ahinadaba indodana ka-Ido eMahanayimi,
15. no-Ahimahasi kwaNafetali, yena owathatha uBasemati indodakazi kaSolomoni abe ngumkakhe,
16. noBahana indodana kaHushayi kwa-Asheri nase-Aloti,
17. noJehoshafati indodana kaPharuwa kwa-Isakare,
18. noShimeyi indodana ka-Ela kwaBenjamini,
19. noGeberi indodana ka-Uri ezweni lakwaGileyadi, izwe likaSihoni inkosi yama-Amori no-Ogi inkosi yaseBashani, ngokuba kwakuyinduna eyodwa kulelo zwe.
20. OJuda no-Israyeli babe baningi ngangesihlabathi solwandle ngobuningi, bedla, bephuza, bejabula.
21. USolomoni wabusa phezu kwemibuso yonke kusukela eMfuleni* kuze kube sezweni lamaFilisti nasemkhawulweni waseGibithe; bathela intela, bamkhonza uSolomoni zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.