1. Inkosi uSolomoni yabusa u-Israyeli wonke.
2. Yilezi izikhulu eyayinazo:u-Azariya indodana kaSadoki wayengumpristi;
3. o-Elihorefi no-Ahiya amadodana kaShisha babe ngababhali,noJehoshafati indodana ka-Ahiludi wayengumabhalana;
4. uBenaya indodana kaJehoyada wayephezu kwempi;oSadoki no-Abiyathara babe ngabapristi;