1. USolomoni wahlangana ngobuhlobo noFaro inkosi yaseGibithe, wathatha indodakazi kaFaro, wayingenisa emzini kaDavide, waze waqeda ukwakha indlu yakhe, nendlu kaJehova, nogange lwaseJerusalema nxazonke.
2. Nokho abantu babehlaba ezindaweni eziphakemeyo, ngokuba kwakungakhelwanga igama likaJehova indlu kwaze kwaba yilezo zinsuku.
3. USolomoni wamthanda uJehova, wahamba ngezimiso zikaDavide uyise; kepha wahlaba, washisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.