42. UJehoshafati wayeneminyaka engamashumi amathathu nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa; wabusa iminyaka engamashumi amabili nanhlanu eJerusalema. Igama likanina lalingu-Azuba indodakazi kaShilehi.
43. Wahamba ngezindlela zonke zika-Asa uyise, kaphambukanga kuzo, enza okulungile emehlweni kaJehova. Kepha izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesanikela, babesashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.
44. UJehoshafati wenza ukuthula nenkosi yakwa-Israyeli.
45. Ezinye izindaba zikaJehoshafati, namandla awabonakalisayo, nokulwa kwakhe, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?
46. Insali yezifebe zethempeli ezazisasele emihleni kayise u-Asa wayixosha ezweni.