41. UJehoshafati indodana ka-Asa waqala ukubusa kwaJuda ngomnyaka wesine ka-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli.
42. UJehoshafati wayeneminyaka engamashumi amathathu nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa; wabusa iminyaka engamashumi amabili nanhlanu eJerusalema. Igama likanina lalingu-Azuba indodakazi kaShilehi.
43. Wahamba ngezindlela zonke zika-Asa uyise, kaphambukanga kuzo, enza okulungile emehlweni kaJehova. Kepha izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesanikela, babesashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.
44. UJehoshafati wenza ukuthula nenkosi yakwa-Israyeli.
45. Ezinye izindaba zikaJehoshafati, namandla awabonakalisayo, nokulwa kwakhe, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?
46. Insali yezifebe zethempeli ezazisasele emihleni kayise u-Asa wayixosha ezweni.
47. Kwakungekho nkosi kwa-Edomi; kwabusa umbambeli.
48. UJehoshafati walungisa imikhumbi yaseTharishishi ukuba iye e-Ofiri ukulanda igolide, kepha ayihambanga, ngokuba imikhumbi yaphuka e-Esiyoni Geberi.
49. Khona u-Ahaziya indodana ka-Ahabi wathi kuJehoshafati: “Izinceku zami mazihambe nezinceku zakho emikhunjini.” Kepha uJehoshafati akavumanga.
50. UJehoshafati wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide uyise; uJehoramu indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
51. U-Ahaziya indodana ka-Ahabi waqala ukubusa kwa-Israyeli eSamariya ngomnyaka weshumi nesikhombisa kaJehoshafati inkosi yakwaJuda, wabusa iminyaka emibili kwa-Israyeli.
52. Wenza okubi emehlweni kaJehova, wahamba ngendlela kayise, nangendlela kanina, nangendlela kaJerobowamu indodana kaNebati ayonisile u-Israyeli.
53. Wakhonza uBali, wakhuleka kuye, wacunula uJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli, njengakho konke akwenzileyo uyise.