34. Kepha umuntu othile wansala umnsalo wakhe ngokungazeleli nje, wayihlaba inkosi yakwa-Israyeli enhlanganisweni yebhantshi lensimbi, yathi kumshayeli: “Phenduka, ungikhiphe empini, ngokuba ngikhutshaziwe.”
35. Ukulwa kwaqina ngalolo suku; inkosi yasekelwa enqoleni yayo malungana nama-Aramu, yafa ngakusihlwa; igazi lenxeba laphalazeka phansi enqoleni.
36. Ekushoneni kwelanga kwadlula ekamu* lonke isimemo sokuthi: “Yilowo nalowo makaye emzini wakubo, yilowo nalowo ezweni lakubo.”
37. Yafa-ke inkosi, yayiswa eSamariya; bayimbela inkosi eSamariya.
38. Sebeyihlanza inqola echibini laseSamariya, izinja zaxhapha igazi lakhe, nezifebe zageza khona njengezwi likaJehova abelikhulumile.