Inkosi yakwa-Israyeli noJehoshafati inkosi yakwaJuda babehlezi, kwaba yilowo nalowo esihlalweni sakhe sobukhosi, bembethe izambatho zabo, esibuyeni ngasesikhaleni sesango laseSamariya; bonke abaprofethi baprofetha phambi kwabo.