9. Waloba ezincwadini ukuthi: “Memezelani ukuzila ukudla, nimbeke uNaboti emqoka kubantu,
10. nibeke amadoda amabili, abantu ababi, phambi kwakhe, afakaze ngaye ngokuthi: ‘Uthukile uNkulunkulu nenkosi, bese nimkhiphela ngaphandle, nimkhande ngamatshe, afe.’ ”
11. Amadoda omuzi wakubo, amalunga nabakhulu ababehlala emzini wakubo, enza njengokuthumela kuka-Izebeli kuwo nanjengokulotshiweyo ezincwadini ayezithume kuwo.
12. Amemezela ukuzila ukudla, ambeka uNaboti emqoka kubantu.