1 Amakhosi 21:28-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

28. Izwi likaJehova lafika ku-Eliya waseThishibi, lathi:

29. “Ubonile yini ukuthi u-Ahabi uyazithoba phambi kwami na? Ngokuba ezithoba phambi kwami angiyikwehlisa okubi emihleni yakhe; kepha emihleni yendodana yakhe ngiyakwehlisela indlu yakhe okubi.”

1 Amakhosi 21