25. Kepha akubangakho onjengo-Ahabi owazithengisa ukwenza okubi emehlweni kaJehova, edudwa ngu-Izebeli umkakhe.
26. Wenza isinengiso esikhulu ngokulandela izithombe njengakho konke ukwenza kwama-Amori axoshwa nguJehova ngaphambi kwabantwana bakwa-Israyeli.
27. Kwathi u-Ahabi esezwile lawo mazwi, waklebhula izingubo zakhe, wembatha indwangu yamasaka emzimbeni wakhe, wazila ukudla, walala endwangwini yamasaka, wahambahamba kancane.
28. Izwi likaJehova lafika ku-Eliya waseThishibi, lathi: