1 Amakhosi 21:25-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

25. Kepha akubangakho onjengo-Ahabi owazithengisa ukwenza okubi emehlweni kaJehova, edudwa ngu-Izebeli umkakhe.

26. Wenza isinengiso esikhulu ngokulandela izithombe njengakho konke ukwenza kwama-Amori axoshwa nguJehova ngaphambi kwabantwana bakwa-Israyeli.

27. Kwathi u-Ahabi esezwile lawo mazwi, waklebhula izingubo zakhe, wembatha indwangu yamasaka emzimbeni wakhe, wazila ukudla, walala endwangwini yamasaka, wahambahamba kancane.

28. Izwi likaJehova lafika ku-Eliya waseThishibi, lathi:

1 Amakhosi 21