1 Amakhosi 21:10-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. nibeke amadoda amabili, abantu ababi, phambi kwakhe, afakaze ngaye ngokuthi: ‘Uthukile uNkulunkulu nenkosi, bese nimkhiphela ngaphandle, nimkhande ngamatshe, afe.’ ”

11. Amadoda omuzi wakubo, amalunga nabakhulu ababehlala emzini wakubo, enza njengokuthumela kuka-Izebeli kuwo nanjengokulotshiweyo ezincwadini ayezithume kuwo.

12. Amemezela ukuzila ukudla, ambeka uNaboti emqoka kubantu.

13. Lawo madoda amabili, abantu ababi, angena, ahlala phambi kwakhe; bafakaza labo bantu ababi ngaye, bathi: “Yena uNaboti uthukile uNkulunkulu nenkosi.” Base bemkhiphela ngaphandle komuzi, bamkhanda ngamatshe, wafa.

14. Base bethumela ku-Izebeli, bethi: “UNaboti ukhandiwe ngamatshe, wafa.”

15. Kwathi u-Izebeli esezwile ukuthi uNaboti ukhandiwe ngamatshe, wafa, u-Izebeli wathi ku-Ahabi: “Suka udle isivini sikaNaboti waseJizreyeli, enqaba ukukunika sona ngesiliva, ngokuba uNaboti kasekho, ufile.”

16. Kwathi u-Ahabi esezwile ukuthi uNaboti ufile, u-Ahabi wasuka ukuba ehlele esivinini sikaNaboti waseJizreyeli ukusidla.

17. Izwi likaJehova lase lifika ku-Eliya waseThishibi, lathi:

18. “Suka wehle, umhlangabeze u-Ahabi, inkosi yakwa-Israyeli, oseSamariya; bheka, usesivinini sikaNaboti, lapho ehlele khona ukusidla.

19. Uyakukhuluma kuye ngokuthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Usubulele, wadla isizi na?’ Bese wukhuluma kuye ngokuthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Endaweni lapho izinja zaxhapha khona igazi likaNaboti, izinja ziyakuxhapha negazi lakho, yebo, elakho.’ ”

20. Wayesethi u-Ahabi ku-Eliya: “Usungitholile wena sitha sami na?”Wathi: “Ngikutholile, ngokuba uzithengisile ukwenza okubi emehlweni kaJehova.

21. ‘Bheka, ngiyakukwehlisela okubi, ngikukhukhule, nginqume ku-Ahabi wonke umlisa, omncane nomkhulu kwa-Israyeli;

22. ngiyakwenza indlu yakho ibe njengendlu kaJerobowamu indodana kaNebati nanjengendlu kaBahasha indodana ka-Ahiya ngenxa yesicunulo ongicunule ngaso, wonisa futhi ngaso u-Israyeli.’

1 Amakhosi 21