1 Amakhosi 20:33-43 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

33. Amadoda aqaphela lokho, ashesha ukuqinisa okuvela kuye, athi: “Ngumfowenu uBeni Hadadi.”Wathi: “Hambani, nimlande.” UBeni Hadadi wayesephumela kuye; wamkhwelisa inqola yakhe.

34. UBeni Hadadi wayesethi kuye: “Imizi ubaba ayithatha kuyihlo ngiyakuyibuyisa, uzenzele izitaladi eDamaseku njengokwenza kukababa eSamariya.”U-Ahabi wathi: “Ngalesi sivumelwano ngiyakukuvumela ukuba uhambe.” Wayesenza isivumelwano naye, wamvumela ukuba ahambe.

35. Umuntu othile wamadodana abaprofethi wathi kumngane wakhe ngezwi likaJehova: “Ake ungishaye.” Kepha lowo muntu wala ukushaya.

36. Wayesethi kuye: “Ngokuba ungalalelanga izwi likaJehova, bheka, uyakwanele ukusuka nje kimi, ingonyama ikubulale.” Wanele wasuka nje kuye, ingonyama yamfumana, yambulala.

37. Wayesefumana omunye umuntu, wathi: “Ake ungishaye.” Lowo muntu wamshaya; wamshaya, wamlimaza.

38. Wayesesuka umprofethi, walindela inkosi endleleni, waziguqula ngeqhele elalisemehlweni akhe.

39. Kwathi inkosi isidlula, wamemeza enkosini, wathi: “Inceku yakho yaphumela phakathi kokulwa; bheka, kwabuya umuntu owaletha kimi omunye, wathi: ‘Linda lo muntu; uma elahleka, ukuphila kwakho kuyakuba sesikhundleni sokuphila kwakhe, noma uyakukhokha italenta* lesiliva.’

40. Kwathi lapho inceku yakho isasebenza ngalapha nangalapha, kanti wayesehambile.”Yayisithi kuye inkosi yakwa-Israyeli: “Kunjalo ukwahlulelwa kwakho; nguwe onqumile.”

41. Washesha wasusa iqhele emehlweni akhe; yayisimbona inkosi yakwa-Israyeli ukuthi ungowabaprofethi.

42. Wathi kuyo: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngokuba umyekile ukuba aphume esandleni sakho umuntu engangimqalekisile, ukuphila kwakho kuyakuba sesikhundleni sokuphila kwakhe, nabantu bakho babe sesikhundleni sabantu bakhe.’ ”

43. Inkosi yakwa-Israyeli yaya endlini yayo ihluneme, ithukuthele, yeza eSamariya.

1 Amakhosi 20