21. Inkosi yakwa-Israyeli yaphuma, yagenca amahhashi nezinqola, yabulala ama-Aramu ngokuceka okukhulu.
22. Umprofethi wasondela enkosini yakwa-Israyeli, wathi kuyo: “Hamba uziqinise, uqaphele, ubone oyakukwenza, ngokuba emva komnyaka inkosi yama-Aramu iyakwenyuka ukulwa nawe.”
23. Izinceku zenkosi yama-Aramu zathi kuyo: “Unkulunkulu wabo ungunkulunkulu wezintaba, ngalokho basahlula; kepha masilwe nabo ethafeni, impela siyakubahlula.
24. Futhi yenza lokhu: Susa amakhosi onke, kube yileyo naleyo endaweni yayo, ubeke ababusi ezikhundleni zawo,
25. uzibalele impi njengaleyo mpi olahlekelwe yiyo, ihhashi ngehhashi, inqola ngenqola, silwe nabo ethafeni, sibahlule impela.” Yalalela izwi labo, yenze njalo.
26. Kwathi emva komnyaka uBeni Hadadi wabala ama-Aramu, wenyukela e-Afeki ukuba alwe no-Israyeli.
27. Abantwana bakwa-Israyeli babalwa, baphiwa ukudla, bahamba ukuhlangabezana nabo; abakwa-Israyeli bamisa phambi kwabo njengemihlanjana emibili yamazinyane ezimbuzi, kepha ama-Aramu agcwalisa izwe.
28. Wayesesondela umuntu kaNkulunkulu, wathi enkosini yakwa-Israyeli: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngokuba ama-Aramu eshilo ukuthi uJehova ungunkulunkulu wezintaba, kasiye unkulunkulu wezigodi, ngiyakusinikela sonke lesi sixuku esikhulu esandleni sakho, nize nazi ukuthi nginguJehova.’ ”
29. Base bemisile bebhekana izinsuku eziyisikhombisa. Kwathi ngosuku lwesikhombisa kwaqala ukuliwa; abantwana bakwa-Israyeli babulala ama-Aramu ayizinkulungwane eziyikhulu ayimigundatshani ngalusuku lunye.
30. Abaseleyo babalekela emzini wase-Afeki; ugange lwawela phezu kwabantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nesikhombisa abaseleyo. Naye uBeni Hadadi wabaleka, wangena emzini amakamelo ngamakamelo.
31. Kepha izinceku zakhe zathi kuye: “Bheka, sizwile ukuthi amakhosi endlu yakwa-Israyeli angamakhosi anomusa; ake sembathe izindwangu zamasaka ezinkalweni zethu nezintambo emakhanda ethu, siphume, siye enkosini yakwa-Israyeli; mhlawumbe iyakusindisa ukuphila kwakho.”
32. Zase zibhinca izindwangu zamasaka ezinkalweni zazo, nezintambo emakhanda azo, zaya enkosini yakwa-Israyeli, zathi: “Ithi inceku yakho uBeni Hadadi: ‘Ake ungiyeke, ngiphile.’ ”Yayisithi: “Usekhona na? Ungumfowethu yena.”
33. Amadoda aqaphela lokho, ashesha ukuqinisa okuvela kuye, athi: “Ngumfowenu uBeni Hadadi.”Wathi: “Hambani, nimlande.” UBeni Hadadi wayesephumela kuye; wamkhwelisa inqola yakhe.
34. UBeni Hadadi wayesethi kuye: “Imizi ubaba ayithatha kuyihlo ngiyakuyibuyisa, uzenzele izitaladi eDamaseku njengokwenza kukababa eSamariya.”U-Ahabi wathi: “Ngalesi sivumelwano ngiyakukuvumela ukuba uhambe.” Wayesenza isivumelwano naye, wamvumela ukuba ahambe.
35. Umuntu othile wamadodana abaprofethi wathi kumngane wakhe ngezwi likaJehova: “Ake ungishaye.” Kepha lowo muntu wala ukushaya.
36. Wayesethi kuye: “Ngokuba ungalalelanga izwi likaJehova, bheka, uyakwanele ukusuka nje kimi, ingonyama ikubulale.” Wanele wasuka nje kuye, ingonyama yamfumana, yambulala.
37. Wayesefumana omunye umuntu, wathi: “Ake ungishaye.” Lowo muntu wamshaya; wamshaya, wamlimaza.
38. Wayesesuka umprofethi, walindela inkosi endleleni, waziguqula ngeqhele elalisemehlweni akhe.