1 Amakhosi 20:13-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Bheka, kwasondela umprofethi ku-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli, wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Uyasibona sonke lesi sixuku na? Bheka, ngiyakusinikela esandleni sakho namuhla, uze wazi ukuthi mina nginguJehova.’ ”

14. Wayesethi u-Ahabi: “Ngobani na?”Wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngezinsizwa zezikhulu zezifunda.’ ”Wayesethi: “Ngubani oyakokha impi?”Wathi: “Nguwe.”

15. Wayesebala izinsizwa zezikhulu zezifunda, zazingamakhulu amabili namashumi amathathu nambili; emva kwazo wabala abantu bonke, bonke abantwana bakwa-Israyeli, beyizinkulungwane eziyisikhombisa.

16. Baphuma emini. Kepha uBeni Hadadi wayephuza waze wadakwa emadokodweni, yena namakhosi, amakhosi angamashumi amathathu nambili amsizayo.

17. Izinsizwa zezikhulu zezifunda zaphuma kuqala; uBeni Hadadi wathumela, bamtshela ukuthi kuphume abantu eSamariya.

18. Wathi: “Noma bephumele ukuthula, babambeni besaphila, noma bephumele ukulwa, babambeni besaphila.”

19. Zaphuma-ke emzini izinsizwa lezo zezikhulu zezifunda kanye nempi eyazilandela.

20. Babulala, kwaba yilowo nalowo umuntu wakhe; ama-Aramu abaleka, u-Israyeli wawaxosha; uBeni Hadadi inkosi yama-Aramu waphunyuka ngehhashi kanye nabamahhashi.

21. Inkosi yakwa-Israyeli yaphuma, yagenca amahhashi nezinqola, yabulala ama-Aramu ngokuceka okukhulu.

22. Umprofethi wasondela enkosini yakwa-Israyeli, wathi kuyo: “Hamba uziqinise, uqaphele, ubone oyakukwenza, ngokuba emva komnyaka inkosi yama-Aramu iyakwenyuka ukulwa nawe.”

23. Izinceku zenkosi yama-Aramu zathi kuyo: “Unkulunkulu wabo ungunkulunkulu wezintaba, ngalokho basahlula; kepha masilwe nabo ethafeni, impela siyakubahlula.

24. Futhi yenza lokhu: Susa amakhosi onke, kube yileyo naleyo endaweni yayo, ubeke ababusi ezikhundleni zawo,

1 Amakhosi 20