1 Amakhosi 20:10-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. UBeni Hadadi wayesethumela kuye, wathi: “Onkulunkulu mabenze njalo kimi, benezele futhi, uma uthuli lwaseSamariya luyakwanela abantu bonke abasezinyathelweni zami ukuba babe nokhweshe.”

11. Yayisiphendula inkosi yakwa-Israyeli, ithi: “Khulumani kuye, nithi: ‘Obhinca izikhali makangazigabisi njengokhumulayo.’ ”

12. Kwathi esezwa leli zwi, ephuza kanye namakhosi emadokodweni, wathi ezincekwini zakhe: “Mayiphume.” Yayisiphuma ukulwa nomuzi.

13. Bheka, kwasondela umprofethi ku-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli, wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Uyasibona sonke lesi sixuku na? Bheka, ngiyakusinikela esandleni sakho namuhla, uze wazi ukuthi mina nginguJehova.’ ”

14. Wayesethi u-Ahabi: “Ngobani na?”Wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngezinsizwa zezikhulu zezifunda.’ ”Wayesethi: “Ngubani oyakokha impi?”Wathi: “Nguwe.”

15. Wayesebala izinsizwa zezikhulu zezifunda, zazingamakhulu amabili namashumi amathathu nambili; emva kwazo wabala abantu bonke, bonke abantwana bakwa-Israyeli, beyizinkulungwane eziyisikhombisa.

16. Baphuma emini. Kepha uBeni Hadadi wayephuza waze wadakwa emadokodweni, yena namakhosi, amakhosi angamashumi amathathu nambili amsizayo.

17. Izinsizwa zezikhulu zezifunda zaphuma kuqala; uBeni Hadadi wathumela, bamtshela ukuthi kuphume abantu eSamariya.

18. Wathi: “Noma bephumele ukuthula, babambeni besaphila, noma bephumele ukulwa, babambeni besaphila.”

19. Zaphuma-ke emzini izinsizwa lezo zezikhulu zezifunda kanye nempi eyazilandela.

20. Babulala, kwaba yilowo nalowo umuntu wakhe; ama-Aramu abaleka, u-Israyeli wawaxosha; uBeni Hadadi inkosi yama-Aramu waphunyuka ngehhashi kanye nabamahhashi.

21. Inkosi yakwa-Israyeli yaphuma, yagenca amahhashi nezinqola, yabulala ama-Aramu ngokuceka okukhulu.

22. Umprofethi wasondela enkosini yakwa-Israyeli, wathi kuyo: “Hamba uziqinise, uqaphele, ubone oyakukwenza, ngokuba emva komnyaka inkosi yama-Aramu iyakwenyuka ukulwa nawe.”

23. Izinceku zenkosi yama-Aramu zathi kuyo: “Unkulunkulu wabo ungunkulunkulu wezintaba, ngalokho basahlula; kepha masilwe nabo ethafeni, impela siyakubahlula.

24. Futhi yenza lokhu: Susa amakhosi onke, kube yileyo naleyo endaweni yayo, ubeke ababusi ezikhundleni zawo,

25. uzibalele impi njengaleyo mpi olahlekelwe yiyo, ihhashi ngehhashi, inqola ngenqola, silwe nabo ethafeni, sibahlule impela.” Yalalela izwi labo, yenze njalo.

26. Kwathi emva komnyaka uBeni Hadadi wabala ama-Aramu, wenyukela e-Afeki ukuba alwe no-Israyeli.

1 Amakhosi 20