1 Amakhosi 20:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UBeni Hadadi inkosi yase-Aramu wabutha yonke impi yakhe; wayenamakhosi angamashumi amathathu nambili, namahhashi, nezinqola; wenyuka, wavimbezela iSamariya, walwa nalo,

2. wathuma izithunywa ku-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli emzini,

3. wathi kuye: “Usho kanje uBeni Hadadi, uthi: ‘Isiliva lakho negolide lakho lingelami, nawomkakho nabantwana bakho abahle bangabami.’ ”

1 Amakhosi 20