1. UBeni Hadadi inkosi yase-Aramu wabutha yonke impi yakhe; wayenamakhosi angamashumi amathathu nambili, namahhashi, nezinqola; wenyuka, wavimbezela iSamariya, walwa nalo,
2. wathuma izithunywa ku-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli emzini,
3. wathi kuye: “Usho kanje uBeni Hadadi, uthi: ‘Isiliva lakho negolide lakho lingelami, nawomkakho nabantwana bakho abahle bangabami.’ ”