1 Amakhosi 2:30-46 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

30. UBenaya wafika etendeni likaJehova, wathi kuye: “Isho kanje inkosi, ithi: ‘Phuma.’ ”Wathi: “Qha, ngiyakufela lapha.”UBenaya wabuyisela enkosini izwi lokuthi: “Washo njalo uJowabe, wangiphendula kanjalo.”

31. Inkosi yathi kuye: “Yenza njengokusho kwakhe, umsukele, ummbele, ukuba ususe kimi nakuyo indlu kababa igazi elachithwa ngeze nguJowabe.

32. UJehova uyakulibuyisela igazi lakhe ekhanda lakhe, ngokuba wasukela amadoda amabili alungileyo amahle kunaye, wawabulala ngenkemba, ubaba uDavide engazi: u-Abineri indodana kaNeri, induna yempi yakwa-Israyeli, no-Amasa indodana kaJetheri, induna yempi yakwaJuda.

33. Igazi labo liyakubuyela ekhanda likaJowabe nasekhanda lenzalo yakhe kuze kube phakade; kepha kuDavide, nakuyo inzalo yakhe, nakuyo indlu yakhe, nakuso isihlalo sakhe sobukhosi kuyakuba ngukuthula kuze kube phakade, kuvela kuJehova.”

34. Wayesenyuka uBenaya indodana kaJehoyada, wamsukela, wambulala; wembelwa endlini yakhe ehlane.

35. Inkosi yayisimbeka uBenaya indodana kaJehoyada phezu kwempi esikhundleni sakhe; uSadoki umpristi inkosi yambeka esikhundleni sika-Abiyathara.

36. Inkosi yathuma yambiza uShimeyi, yathi kuye: “Zakhele indlu eJerusalema, uhlale khona, ungaphumi lapho ukuya ndawo.

37. Ngokuba mhla uphuma, uwele umfudlana iKidroni, yazisisa ukuthi uyakufa nokufa; igazi lakho liyakuba sekhanda lakho.”

38. Wayesethi uShimeyi enkosini: “Lelo zwi lilungile; inceku yakho iyakwenza njengokusho kwenkosi yami, inkosi.” UShimeyi wahlala eJerusalema izinsuku eziningi.

39. Kwathi ngasekupheleni kweminyaka emithathu izinceku ezimbili zikaShimeyi zabaleka, zaya ku-Akhishi indodana kaMahakha inkosi yaseGati. UShimeyi watshelwa ukuthi: “Bheka, izinceku zakho ziseGati.”

40. Wayesesuka uShimeyi, wabophela imbongolo yakhe, waya eGati ku-Akhishi ukuba afune izinceku zakhe; wahamba uShimeyi, wazibuyisa izinceku zakhe eGati.

41. Kwabikelwa uSolomoni ukuthi uShimeyi wayesukile eJerusalema ukuya eGati nokuthi ubuyile.

42. Inkosi yayisithuma yambiza uShimeyi, yathi kuye: “Angithi ngikufungisile uJehova, ngaqinisa kuwe ukuthi: ‘Mhla uphuma uye nomaphi, yazisisa ukuthi uyakufa nokufa,’ na? Wathi kimi: ‘Izwi engilizwileyo lihle.’

43. Pho, awugcinanga ngani isifungo sikaJehova nomyalo engakuyala ngakho na?”

44. Inkosi yathi futhi kuShimeyi: “Wena uyazi konke okubi okwaziwa yinhliziyo yakho, owakwenza kuDavide ubaba; ngalokho uJehova uyakubuyisela ububi bakho ekhanda lakho.

45. Kepha inkosi uSolomoni iyakubusiswa, nesihlalo sobukhosi sikaDavide siyakuqiniswa phambi kukaJehova kuze kube phakade.”

46. Ngokuyala kwenkosi uBenaya indodana kaJehoyada waphuma wamsukela; wafa. Umbuso wawusulokhu uqiniswa njalo esandleni sikaSolomoni.

1 Amakhosi 2