22. Inkosi uSolomoni yaphendula, yathi kunina: “Umcelelelani u-Adoniya u-Abishagi waseShunemi na? Mcelele nombuso futhi, ngokuba ungumnewethu; yebo, mcelele yena no-Abiyathara umpristi, noJowabe indodana kaSeruya.”
23. Inkosi uSolomoni yayisifunga uJehova ngokuthi: “UNkulunkulu makenze njalo kimi, enezele futhi, uma u-Adoniya engakhulumanga leli zwi libe ngelokufa kwakhe.
24. Ngalokho, kuphila kukaJehova ongiqinisileyo, wangibeka esihlalweni sobukhosi sikaDavide ubaba, wangenza indlu njengokukhuluma kwakhe; namhla nje uyakubulawa u-Adoniya.”
25. Inkosi uSolomoni yayisithumela ngesandla sikaBenaya indodana kaJehoyada: wamsukela; wafa.
26. Inkosi yathi ku-Abiyathara umpristi: “Hamba uye e-Anathoti emasimini akho, lokhu ungowokufa, kepha angiyikukubulala namuhla, ngokuba wawuwuthwala umphongolo weNkosi uJehova phambi kukaDavide ubaba, wahlupheka ngakho konke ubaba ahlupheka ngakho.”
27. USolomoni wayesemxosha u-Abiyathara, angabe esaba ngumpristi kuJehova, ukuba agcwalise izwi likaJehova alikhuluma ngendlu ka-Eli eShilo.
28. Lapho kufika umbiko kuJowabe ngokuba uJowabe -- wayemlandele u-Adoniya noma engamlandelanga u-Abisalomu uJowabe -- wabaleka, waya etendeni likaJehova, wabamba izimpondo ze-altare.
29. Inkosi uSolomoni yatshelwa ukuthi: “UJowabe ubalekele etendeni likaJehova; bheka, ungase-altare.” USolomoni wayesethuma uBenaya indodana kaJehoyada ngokuthi: “Hamba, umsukele.”