11. Izinsuku uDavide abusa ngazo phezu kuka-Israyeli zaziyiminyaka engamashumi amane; iminyaka eyisikhombisa wabusa eHebroni, iminyaka engamashumi amathathu nantathu wabusa eJerusalema.
12. USolomoni wayesehlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide uyise; umbuso wakhe waqiniswa kakhulu.
13. Wayesefika u-Adoniya indodana kaHagiti kuBati Sheba unina kaSolomoni. Wathi: “Uze nokuthula na?”Wathi yena: “Yebo, ngize nokuthula.”
14. Wayesethi: “Nginendaba kuwe.”Wathi: “Khuluma.”
15. Wathi-ke: “Uyazi wena ukuthi umbuso wawungowami nokuthi wonke u-Israyeli wabhekisa kimi ubuso bakhe ukuba ngibuse; kepha umbuso usuguquliwe, sewaba ngowomfowethu, ngokuba wawuthola kuJehova.