1 Amakhosi 18:9-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Wayesethi kuye: “Ngoneni ukuba unikele inceku yakho esandleni sika-Ahabi ukungibulala na?

10. Kuphila kukaJehova, uNkulunkulu wakho, akukho sizwe nambuso lapho inkosi yami ingathumanga khona ukukufuna, nanxa bethi akakho lapha, yafungisa umbuso nesizwe ukuthi abakufumananga.

11. Manje usuthi wena: ‘Hamba utshele inkosi yakho ukuthi: Nangu u-Eliya.’

12. Kuyakuthi sengisukile kuwe, uMoya kaJehova akuyise lapho ngingazi khona, nanxa sengifika ukuba ngimtshele u-Ahabi, yena angakufumani, uyakungibulala; kepha mina nceku yakho ngiyamesaba uJehova kwasebusheni bami.

13. Inkosi yami ayitshelwanga yini lokho engakwenzayo lapho u-Izebeli ebulala abaprofethi bakaJehova, ukuthi ngafihla abantu abayikhulu kubaprofethi bakaJehova ngamashumi ayisihlanu emhumeni, ngabondla ngesinkwa nangamanzi, na?

14. Usuthi manje: ‘Hamba utshele inkosi yakho ukuthi: Nangu u-Eliya,’ bese yingibulala.”

1 Amakhosi 18