16. U-Obadiya wayesehamba ukumhlangabeza u-Ahabi, wamtshela lokho; wayesehamba u-Ahabi ukumhlangabeza u-Eliya.
17. Kwathi u-Ahabi esembonile u-Eliya, u-Ahabi wathi kuye: “Nguwe ongumhluphi wakwa-Israyeli na?”
18. Kodwa wathi: “Mina angimhluphanga u-Israyeli, kepha nguwe nendlu kayihlo, ngokuyilahla imiyalo kaJehova, uze ulandele oBali.
19. Ngalokho thumela ubuthe kimi u-Israyeli wonke entabeni yaseKarmeli, nabaprofethi bakaBali abangamakhulu amane namashumi ayisihlanu, nabaprofethi baka-Ashera* abangamakhulu amane abadla etafuleni lika-Izebeli.”
20. U-Ahabi wayesethumela kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli, wabutha abaprofethi entabeni yaseKarmeli.
21. U-Eliya wasondela kubo bonke abantu, wathi: “Koze kube nini nimanqikanqika phakathi kwezinhlangothi ezimbili na? Uma uJehova enguNkulunkulu, mlandeleni yena, kepha uma kunguBali, mlandeleni yena.” Kodwa abantu kabamphendulanga ngazwi.