1 Amakhosi 18:10-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Kuphila kukaJehova, uNkulunkulu wakho, akukho sizwe nambuso lapho inkosi yami ingathumanga khona ukukufuna, nanxa bethi akakho lapha, yafungisa umbuso nesizwe ukuthi abakufumananga.

11. Manje usuthi wena: ‘Hamba utshele inkosi yakho ukuthi: Nangu u-Eliya.’

12. Kuyakuthi sengisukile kuwe, uMoya kaJehova akuyise lapho ngingazi khona, nanxa sengifika ukuba ngimtshele u-Ahabi, yena angakufumani, uyakungibulala; kepha mina nceku yakho ngiyamesaba uJehova kwasebusheni bami.

13. Inkosi yami ayitshelwanga yini lokho engakwenzayo lapho u-Izebeli ebulala abaprofethi bakaJehova, ukuthi ngafihla abantu abayikhulu kubaprofethi bakaJehova ngamashumi ayisihlanu emhumeni, ngabondla ngesinkwa nangamanzi, na?

14. Usuthi manje: ‘Hamba utshele inkosi yakho ukuthi: Nangu u-Eliya,’ bese yingibulala.”

15. Kepha u-Eliya wathi: “Kuphila kukaJehova Sebawoti engimi phambi kwakhe namuhla, ngizakuzibonakalisa kuye.”

16. U-Obadiya wayesehamba ukumhlangabeza u-Ahabi, wamtshela lokho; wayesehamba u-Ahabi ukumhlangabeza u-Eliya.

17. Kwathi u-Ahabi esembonile u-Eliya, u-Ahabi wathi kuye: “Nguwe ongumhluphi wakwa-Israyeli na?”

18. Kodwa wathi: “Mina angimhluphanga u-Israyeli, kepha nguwe nendlu kayihlo, ngokuyilahla imiyalo kaJehova, uze ulandele oBali.

19. Ngalokho thumela ubuthe kimi u-Israyeli wonke entabeni yaseKarmeli, nabaprofethi bakaBali abangamakhulu amane namashumi ayisihlanu, nabaprofethi baka-Ashera* abangamakhulu amane abadla etafuleni lika-Izebeli.”

20. U-Ahabi wayesethumela kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli, wabutha abaprofethi entabeni yaseKarmeli.

21. U-Eliya wasondela kubo bonke abantu, wathi: “Koze kube nini nimanqikanqika phakathi kwezinhlangothi ezimbili na? Uma uJehova enguNkulunkulu, mlandeleni yena, kepha uma kunguBali, mlandeleni yena.” Kodwa abantu kabamphendulanga ngazwi.

22. Wayesethi u-Eliya kubantu: “Yimi ngedwa oseleyo engumprofethi kaJehova, kepha abaprofethi bakaBali bangabantu abangamakhulu amane namashumi ayisihlanu.

1 Amakhosi 18